Namhlanje uhlelo loMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali i-KZN HealthChat silusakaza bukhoma esifundeni sase Thekwini e St Mary's Hospital. Sixoxa neNhloko yoMnyango wezeMpilo uDr Sandile Tshabalala osiphathele izindaba zakamuva ezithinta uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali, futhi ozobuye aluleke abantu ngezokuphepha kulamaholidi ePhasika.
Sikuphathele uDr Basil Enicker, odabuka eMlazi, oyi-Neurosurgeon e-Nkosi Albert Luthuli Hospital (IALH), ozosichazela ngobungozi bokulimala ekhanda, nezindlela zokukugwema, njengoba kusanda kuqwashiswa ngalenkinga, njengengxenye ka-World Head Injury Awareness...
Sinano-Dr Anele Dube-Pule oyi Pediatrician e-IALCH, ozosichazela ngezimpawu ze-Down Syndrome, kusukela ekudalekeni kwalesiso, nokuthi ikhona yini indlela yokusigwema, kanye nokuthi umzali umelana kanjani naso uma sesivelile kumntwana.
Sizovala ngoMnuz Thobani Bheki Madonda: oyi Advanced Life Support paramedic, ozosichazela ngezimo ababhekana nazo ekuhlengeni abantu, kanye nezindlela zokuphepha kuleli Phasika.
Ещё видео!